Sony Ericsson W100i Inflatable Bouncy Toy User Manual


 
isiZulu
Le modeli ihlangabezana
nemihlahlandlela yomhlaba jikelele
yokuvuleleka emagagasini omsakazo
Idivaysi yakho yeselula iyisidlulisi nesamukeli somsakazo.
Idizayinelwe ukungeqi imikhawuko yokuvuleleka emagagasini
omsakazo anconywa imihlahlandlela yomhlaba jikelele. Le
mihlahlandlela yenziwa yinhlangano yososayensi ezimele i-ICNIRP
futhi ibandakanya izikhala zezokuphepha ezakhelwe ukuqinisekisa
ukuvikeleka kwabo bonke abantu, ngale kokunaka iminyaka
nesimo sezempilo sabo.
Ngemisebenzi yokugqokwa emizimbeni, le foni ihloliwe futhi
iyahlangabezana nemihlahlandlela yokuvuleleka ye-RF uma
isetshenziswa nesisekeli esingenayo insimbi futhi esibeka
ihendisethi ebuncaneni obungu-15 mm ukuqhela emzimbeni.
Ukusetshenziswa kwezesekeli ngeke kwaqinisekisa ukuvumelana
kahle nemihlahlandlela yokuvuleleka ye-RF.
Imihlahlandlela isebenzisa iyunithi yokulinganisa eyaziwa
ngeReythi Yokumunca Eqondile, noma i-SAR. Umkhawuko we-
SAR wamadivaysi amaselula ungu-2 W/kg nenani le-SAR
eliphakeme lale divaysi ngenkathi lihlolwa endlebeni lalingu
1.03 W/kg (10g)*. Njengoba amadivaysi amaselula enikeza uhlu
lwezinhlelo, angasetshenziswa kwezinye izindawo,
njengasemzimbeni. Ezimeni lapho ifoni igqokwa ngqo emzimbeni,
inani le-SAR eliphezulu elihloliwe lingu 1.24 W/kg (10g)*.
Njengoba i-SAR ilinganiswa ngokusebenzisa amandla omlilo
wokudlulisa aphakeme amadivaysi i-SAR yangempela yale divaysi
ngenkathi isebenza ingaphansi kwale eboniswe ngasenhla. Lokhu
kwenziwa izinguquko ezi-othomathikhi kwizinga lamandla omlilo
ale divaysi ukuqinisekisa ukuthi isebenzisa kuphela izinga elincane
elidingekayo ukufinyelela kwinethiwekhi.
I-World Health Organization ibeke ukuthi ulwazi lwezesayensi
lwamanje alukhombisi isidingo sokuqaphela okukhethekile
sokusebenzisa amadivaysi eselula. Bathi uma ufuna ukunciphisa
26
This is an Internet version of this publication. © Print only for private use.